Umqeqeshi wePSG, uChristophe Galtier, ushaqe abaningi ememezela ukuthi ukuthi uLionel Messi uzodlala umdlalo wakhe wokugcina kwiPSG kule mpelasonto.
Bese kunesikhathi kunezinsolo zokuthi uMessi uzoshiya kwiPSG uma kuphela le sizini kulandela ukuhluleka ukunqoba i-UEFA Champions League. Okunye okuphinde kwaqinisa lezi zinsolo yindlela iPSG ephathe ngayo uMessi ebuya kwiholidi eSaudi Arabia nomndeni wakhe.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba namhlanje uGaltier uthe kube yinhlanhla enganele bani ukuqeqesha umdlali osezingeni likaMessi kodwa uyahamba.
“Ngibe nenhlanhla yokuphatha umdlali ovelele emlandweni webhola. Lona kuzobe kuwumdlalo wakhe wokugcina eParc des Princes. Ngiyethemba ukuthi uzokwamukelwa kahle,” kusho uGaltier.
Kungenzeka zingehli kahle kubalandeli bePSG lezi zindaba kwazise iningi labo belisola lo mdlali nabanye ngokungazinikeli ngokwanele kule sizini.
Okuzoxaka abaningi ngokuhamba kukaMessi kodwa wukuthi muva nje ubeyingxenye yokwethulwa komjezi omusha wangesizini ka-2023/2024, okuyinto engavamile ukwenzeka uma umdlali ezohamba.

Uzoyaphi uLionel Messi?
Muva nje uXavi, oqeqesha iBarcelona, usanda kuphumela obala ngemizamo yokubuyisa uMessi kwiLaLiga. Empeleni uXavi uthe konke kusezandleni zikaMessi, kodwa nayo uBarcelona kuzodingeka ukuthi idayise inqwaba yabadlali ukuze izokwazi ukumholela imali ayifunayo.
Elinye iqembu okungenzeka lizame ukumsayinisa iManchester City uma uPep Guardiola ezimisele ngokusebenza naye.
Kusangenzeka athushuke eSaudi Arabia njengoba kunamaqembu akhona azimisele ngokumsayinisa, kodwa abaningi bakholwa wukuthi lo mdlali unesifiso sokunqoba i-UEFA Champions League okokugcina.