Umhlaziyi webhola we-iDiski Times, uJnr Khanye, ugxeke amaqhinga omqeqeshi we-Orlando Pirates kulaandelwa ukushaywa kwayo ngo 2-0 ibhekene neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership izolo.

Amagoli eSundowns ashaywe wuMothobi Mvala (oba wumdlali ovelele), noCassium Mailula.

“Bekuwumdlalo omuhle. Ngijabule ngezinga lo mdlalo ikakhulukazi uma ubuka ukuthi laba bantu baphuma eholidini.

“Angiqondi kahle hle ukuthi ubethi wenzani umqeqeshi wePirates edlala ngama-defensive midfielder amabili. Ngilibonile isayidi likaHotto ukuthi belenzani kodwa ngasohlangothini lukaSaleng noPule bebedlala ngaphakathi kakhulu ngemuva kuka-Erasmus…bayenzile kusaqala umdlalo lento yabo kodwa ayisebenzanga ngoba bekunama-defensive midfielders, ibhola belizofika kanjani ku-Erasmus?” kubuza uKhanye.

Uqhube wathi iBhakabhaka belizama ukusebenzisa isivinini ohlangothini kulo mdlało kodwa akusebenzanga njengoba iSundowns inama-wing back agijimisa okwezinyamazane okunguMudau noMorena odlaliswe kwesokunxele.

“ISundowns idlale kahle kodwa esiwombeni sokuqala abadlala kahle oMshishi, Maema noSirino, kodwa esiwombeni sesibili bashintshe ukwenza. UMshishi ubengashaya ngisho amagoli amathathu esiwombeni sesibili.”

UKhanye uthi ngokubona kwakhe iPirates ibizele idraw kulo mdlało ngokwamaqhinga asetshenziswe umqeqeshi.