Umqeqeshi weCrystal Lake FC uMagic Nyalungu uthi babuye nezifundo eziningi ngokufinyelela kwi-last 32 yeNedbank Cup yize bexetshulwe yi-Orlando Pirates ngo 6-0 eMbombela Stadium ngoMgqibelo.
UNyalungu uthi izifundo abazitholile bazozikhombisa kuSAB Regional League, okuyisigaba abagijima kuso esifundazweni iMpumalanga.
Bekubukeka izongcwatshwa ngebhudlu yamagoli iCrystal Lake engenelwe amagoli amane esiwombeni sokuqala. Leliqembu ebelidlala ekhaya, belibonakala libuthaka libhekene neBucs enesikwati esigcwele isipiliyoni.
“Angiboni ukuthi sihluliwe, sithole izifundo. Bekufana nempi phakathi kwendodana noyise. Kuyacaca ukuthi uyise unqobile. Kufuneka siyolungisa amaphutha ejimini,” kuchaza uNyalungu ephendula abeSABC Sport.
Lomqeqeshi ukuqinisekisile ukuthi unozinti uMaxwell Thete uyalulama yize ekhishwe ngohlaka.
“Ngikhulumile naye, isimo sakhe sesingcono. Lomdlalo ubunzima kakhulu, basikhombisile ukuthi balijwayele lelizinga. Angibagxeki abadlali, bazinikelile. Sifikile kunozinti wePirates, lokho kuyangijabulisa,” kuchaza uNyalungu.
UNyalungu uthi ubahlebelile abadlali, wabachazela ukuthi bangatatazeli yize bebhekene neqembu elikhulu.
“Ngibatshelile ngesikhathi sisekhefini ukuthi abangatatazeli. Besingadlali neqembu eligijima kwiligi yethu. Besibhekene neqembu elikhulu njengePirates, bekufanele sikhombise ithalente lethu.
Abadlali abangene besuka ebhentshini bangijabulisile. Umdlali osemncane obegqoke u-17 (Halalisani Nkuna) ungene wakhahlelela ipali. Uyena osemcane kunathi sonke. Ngijabule kakhulu, ngiyaziqhenya ngabadlali,” kubeka uNyalungu.