Owayengumqeqeshi weManchester United, uJose Mourinho, usedalule ukuthi wayexwayisa ezinyangeni ezimbili efikile iRed Devils ngabadlali ayekholwa wukuthi bayadlisela, kodwa namanje abanye babo basekhona.

UMourinho ufike kwi-IUmiyed ngoJuly 2016, waxoshwa ngo-2018 ngoDecember. Ushiye kuleli qembu enqobe i-Europa League neCarabao Cup kanti ngesizini ka-2017/18 wayibeka kunombolo 2, noma yayisele ngamaphuzu awu-19 kwiMan City eyanqoba iligi.

Ngesikhathi eshiya, waveza ukuthi ukubeka le United ayeyipheka kunombolo 2 kungezinye zezinto eziphambili aseke azizuza ebholeni ngenxa yezinga labadlali ayenabo.

Namanje uthi asakhona amazambane abolile kwi-United.

“Kusenabantu abangalungile kwi-United. Uma ngithi abantu ngikhuluma kakhulu ngabadlali kodwa abanye babo akubona abadlali. Basekhona namanje kodwa ngabatshela emva kwezinyanga ezimbili ngifikile ukuthi ‘uma nifuna ukunqoba, ngeke kwenzeke kukhona laba bantu. Namanje basekhona,” kusho uMourinho.

“Ngake ngashintsha umdlali ngemuva kwesiwombe sokuqala, i-agent yakhe yangisola ngokumhlukumeza. Kwadingeka ukuthi ngishintshe indlela yami yokuqeqesha…ngeke ngisikhohlwe lesi sikhathi, sengiyahleka manje.”

Lo mqeqeshi uqhube waveza nokho ukuthi akayibambele gqubu i-United futhi isanesikhala enhlizweni yakhe.

I-United ize yanqoba indebe yokuqala ngesizini ka-2022/2023 ngemuva kokushiya kukaMourinho, nakhona inqobe iCarabao Cup ngaphansi kwesandla sika-Erik ten Hag othwele kanzima kule sizini. Usephumile kwi-EFL Cup nakwiChampions League futhi netop 4 ibukeka izoba nzima kule sizini njengoba kukhona namanye amaqembu ayishubisayo njenge-Aston Villa neTottenham.