Umengameli weConfederation of African Football (CAF) uPatrice Motsepe uthi uzosihlonipha isinuqmo esizothathwa yiCourt of Arbitration for Sport (CAS) njengoba iSenegal isebenzisa le nkantolo ukuphikisa isinqumo seCAF sokunikeza iMorocco indebe ye-AFCON 2025.
ISenegal ngempelasonto edlule iqhubeke nezinhlelo zayo zokujabulela ukunqoba isicoco se-AFCON. Ngaphambi komdlalo wayo wobungani nePeru eParis, eFrance, abadlali bethule indebe kubalandeli beSenegal abebephume ngobuningi babo.
Lokhu kulandela isinqumo seCAF sokunikeza iMorocco le ndebe ngezizathu zokuthi ngesikhathi iphuma enkundleni ngomdlalo wamanqamu iSenegal kufana nokuthi yawulahla umdlalo.
ISenegal iyaphikisana nalesi sinqumo ngoba ithi wunompempe okwakufanele asithathe ngosuku lo mdlalo, kodwa ngoba wathi umdlalo awuqhubeke, kufanele kugcinwe umphumela njengoba unjalo.
🏆 ⭐️ ⭐️ pic.twitter.com/bVuYDZu3bO
— Football Senegal (@FootballSenegal) March 28, 2026
UMotsepe uthi uzosihlonipha isinuqmo senkantolo yezemidlalo uma sizokhipha phambili iSenegal.
“Ngizosihlonipha futhi ngizosilandela isinqumo seCAS. Umbono wami kulolu daba awubalulekile,” kusho uMotsepe ekhuluma nezintatheli eCairo ngeSonto.