UMengameli weConfederation of African Football (CAF) uDr. Patrice Motsepe ubongele ukugqama kwabadlali abagijima kumaligi ase-Afrika kulandela ukufinyelela kweBafana Bafana kuma-semifinals e-AFCON. 

IBafana ingundabuzekwayo kubathandi bebhola e-Afrika njengoba ifinyelele kuma-semifinals ekubeni isikwati sayo sibunjwe ngabadlali abangu-20 abagijima kwiDSTV Premiership. 

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos wabiza abadlali abathathu kuphela abagijima emazweni aphesheya. 

IBafana, enqobe indondo yethusi, iyiqale yonke imidlalo ye-AFCON isebenzisa abadlali bakuPSL esikimini. 

“Singafunda okukhulu kwiNingizimu Afrika. IBafana isilifundile ibhola lase-Afrika. Kufanele ngivume ukuthi muhle umsebenzi wokuthuthuka kwebhola. 

Akuyona iNingizimu Afrika, liyakhula ibhola nakwamanye amazwe. Ngiyaziqhenya ngokuthuthuka kwamanye amaligi nangomsebenzi owenziwa eNingizimu Afrika. Iligi yabo isezingeni futhi kusetshenzwa ngendlela eqotho,” kuchaza uMotsepe ekhuluma nabezindaba.