Usihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, usewushayele ihlombe umsebenzi owenzeka kwinkulisa yaMakhosi emnyakeni edlule njengoba ikhiqiza uju lwabadlali.
UMotaung uveze lokhu encwadini yakhe ayibhalela abalandeli beqembu njalo ngoKhisimusi. Uveze ukuthi isijeziso seFIFA esivimbe iChiefs ekusayiniseni abadlali sibaphoqile ukuthi bavuselele inkulisa yabo.
“Amaqembu ethu enkulisa aza kahle. Anqobe zonke izinkomishi, okuyinto eveza ngokusobala umsebenzi omuhle owenzeka kwinkulisa yethu. Ngijabule kakhulu ngengikubonayo. Noma singeke sihlomule manje kodwa siza kahle.
“Kumele sikhumbule ukuthi isimo iqembu esikuso sidalwe wukuthi sike sangakwazi ukusayinisa abadlali ngenxa yesijeziso seFIFA. Saphoqeleka ukuthi sibheke abadlali ngaphaki.
“Onyakeni omusha sizoqhubeka sibone abadlali bekhushulwa bevela kwinkulisa kodwa sizobheka nabanye abadlali esingabasayinisa ukulungisa izinkinga esibhekene nazo njengamanje.”
IChiefs isanda kumemezela ukuthi omunye umdlalo ophuma kwinkulisa yayo, uNjabulo Blom, useyodlala kwiMLS e-USA.