Umgadli weLamontville Golden Arrows uRyan Moon uthi abaxakekile kakhulu ngendawo abahleli kuyo kwiDSTV Premiership, kunalokho babheke ukuqhuba umgqigqo wokunqoba imidlalo.
I-Arrows iyiqale ngenothi eliphezulu isizini njengoba isinqobe imidlalo emine, yahlulwa kowodwa, yadlala ngokulingana kwemibili kwiligi.
Izovakashela iSekhukhune United namuhla inenhloso yokuqhuba irekhodi elihle kwiligi. Lamaqembu azotholana ePeter Mokaba Stadium ngehora lesikhombisa ebusuku.
“Sihlela ukunqoba imidlalo eminingi, asiyicabangi kakhulu indaba yendawo esihleli kuyo.
Luselude uhambo, isizini ayikapheli. Kufanele siqoqe amaphuzu amaningi njengoba sisefomini enhle,” kubeka lomdlali ekhuluma nabezindaba.
UMoon (27) ubalule izindawo abaqinise kuzona kulesizini. Uthi ulindele umdlalo onzima kwiSekhukhune.
“Abadlali balandela amacebo avela kubaqeqeshi. Silwela iqembu, ukuzikhandla kwethu kubuyisa imiphumela.
ISekhukhune iyiqembu elihle, elinabaqeqeshi abasezingeni. Umdlalo uzoba nzima, kuzophumelela iqembu elizolwa kakhulu,” kusho uMoon.