Yize iMoroka Swallows inyukele endaweni yesithathu kwiligi, umqeqeshi weqembu uSteve Komphela usakhala ngbubanzi begebe elivulwa yiMamelodi Sundowns ehleli esicongweni.
ISwallows idlale ngokulingana ibhekene neChippa United izolo ntambama eDobsonville Stadium.
Lomphumela awehlanga kahle kuKomphela njengoba ezakhe zilandela ngemuva ngamaphuzu alishumi kwiDowns.
“Sizolithatha iphuzu elilodwa, bengifuna sibuye namaphuzu agcwele ukuze sizohlala endaweni yesibili kwiligi.
Igebe elivulwa yiSundowns likhulu, inamaphuzu angu-24. Thina sisaqoqe amaphuzu angu-14 ekubeni nemidlalo iyalingana (8).
Likhulu igebe, yize silindele ngoba ISundowns ilenyusile izinga. Kufanele sibafakele ingcindezi. Iligi kufuneka iqine, ISundowns ibhekane nengcindezi. Akumele bengayizwa ingcindezi,” kubeka uKomphela ekhuluma nabeSuperSport TV sekuphele umdlalo.
Lomqeqeshi uthi abakwazanga ukubamba umgqigqo emdlalweni, nokuyisizathu asibona silahle amaphuzu aphelele.
UKomphela uthi nomdlalo ubungagculisi.
“Siphelelwe umoya esiwombeni sesibili, umdlalo uphazamiseke kakhulu ngokuma kwezinye izigaba. Umuntu obebukela ubengeke ajabule neze.
Bengifisa ukubona umdlalo omuhle, ongenakho ukuphasamiseka. Angijabule ngomdlalo engiwubonile. Kungenzeka bekuyiqhinga lokudlala, angeke ngibe nolwazi,” kusho uKomphela.