Umqeqeshi wePolokwane City uPhuti Mohafe uthi ukupaka ibhasi kuyidonsele emgogeni iKaizer Chiefs abayiguqise ngo 2-0 koweBetway Premiership, ngeSonto.
IRise and Shine iphule izinhliziyo zabalandeli beChiefs ngegoli likaRamabu elingene esikhathini esengezwe unompempe ngesiwombe sesibili. Elokuqala belivalelwe u-Oswin Appollis ngomzuzu ka-17.
Lomphumela unyusele iPolokwane endaweni yesithathu kwiligi njengoba isiqoqe amaphuzu angu-17 emidlalweni elishumi.
“Besingaphansi kwengcindezi kusaqala umdlalo kodwa sikwazile ukubavimba noma besithwalise kanzima. Siphunyuke kanye nethuba lokuhlasela, sathola negoli ku-Appollis. Ngiyambongela ngoba usehlale isikhathi eside engayiboniswa inethi.
“Ngibone kuyicebo eliphusile ukuthi sibuye sizopaka ibhasi, sihlasele ngokuzumisa ngoba besihamba phambili ngegoli elilodwa. Isivinini sabagadli esinabo singenze ngayipopola eyokuthi sizokwazi ukuphunyuka uma kuvela amathuba.
“Siqhubekile neqhinga lokuhlasela ngesivinini, okuyinto evune izithelo njengoba sigcine silitholile igoli sekuzophela umdlalo. Ngichazekile ngebhola esilidlalile, ngikholwa ukuthi sizokwenza kangcono emidlalweni elandelayo,” kusho uMohafe ekhuluma nabezindaba.