Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi usanethemba lokuthi ezakhe zizogcina ziqhwakelile esicongweni kuGroup B weCAF Champions League yize imiphumela ingakahlangani.
IBafana Ba Style ibuye nephuzu elilodwa eMorocco ibambana ngo 1-1 ne-AS FAR koweChampions League, ngoMgqibelo.
IDowns ihambe phambili ngegoli lika-Iqraam Rayners ngesiwombe sesibili elicishwe uMohamed Rabie Hrimat ovalele elokulinganisa ngomzuzu ka-74.
IDowns yacazelana amaphuzu ne-AS Maniema Union emdlalweni wokuqala wamaqoqo kumasonto amathathu adlule.
“Umdlalo uqale ngendlela ebengiyilindele. Besibhekene neqembu eliyingozi uma lihlasela ngokuzumisa noma kuma-set pieces. Ngigculisekile ngoba umdlalo besiwuphethe.
“Bengikulindele ukuthi bagoloze, basifakele ingcindezi ukuze sizokhuphula amasokisi. Bafike neqhinga lokupaka ibhasi, bengazivuli nezikhala,“ kusho uMngqithi ekhuluma esithangamini nabezindaba.
UMngqithi uthi akanavalo ngombandela wokuqeda esicongweni kuGroup B yize behleli ngesinqe esisodwa endaweni yesithathu ngemuva kwemidlalo emibili.
“Lomphumela awukhuphuli inselelo kuleliqoqo esikulo. Ngikholwa ukuthi sidlale ibhola elingcono. Amaphuzu anqabile yize bekuwumdlalo obungasindi kakhulu. Angeke ngikhalaze ngephuzu elilodwa ngoba sisazophinda ekhaya.
“I-AS FAR ibidlala ngophafa ngoba ibiqhwakele. Amaphuzu amabili esinawo azosiza siguqule amatafula. Nginethemba lokuthi sizokwenza kahle, nebhola esilidlalile lingihlabe umxhwele.
“Muhle umsebenzi owenziwe umqeqeshi we-AS FAR. Uyipopolile eyengcindezi, wenza izinguquko, wanonga namaqhinga kungakapheli nemizuzu engu-20. Lokho kukhombisa izinga eliphezulu lokuqeqesha, ukuhlaziya okwenzeka enkundleni. I-AS FAR iyiqembu elihle,” kubeka uMngqithi.