Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi uthi uyayithanda imidlalo emkhulu kwiPSL, njengomdlalo wanamhlanje ophakathi kwezakhe ne-Orlando Pirates. UMngqithi uthi akayithandi imdlalo abaya kuyo sekwaziwa ukuthi bayothela isibhaxu.

“IPirates ideal ibhaola elihle njengamanje, nathi sidlala ibhola elihle. Njengomuntu owumfundi webhola futhi olithandayo, ngifuna ukudlala kule midlalao. Angiyithandi imdlalo ephathwa yiqembu elilodwa elinye lihlale emuva. Ngifuna umdlalo oshubile…” kusho uMngqithi ngaphambi komlenze wesibili wesemi-final yeMTN8.

Umlenze wokuqala waphela ngo 0-0 e-Orlando Stadium.

“Emlenzeni wokuqala iPirates yenza okwakufanele ikwenze ukunqoba umdlalo, bakha amathuba amaningi kunathi. Lokho kwasiphonsela inselelo yokuthi sibheke ukuthi yini esingayenzanga kahle okumele siyilungise.”

Umdlalo uzoqala ngo-15:30 ePeter Mokaba Stadium.