Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uncamela ukuthi ingasatshwa iDowns ngoba lokho kumnikeza uphawini wokuvuthela ngembudlu yamagoli emaqenjini azobazela ngobuso.
IDowns imatasa ngamalungiselelo omdlalo wamanqamu weCarling Knockout abazowudlala neMagesi eFree State Stadium, ngoMgqibelo.
Ngaphambi kwalomdlalo, izinkakha zeDowns uHlompho Kekana noTeko Modise bakhulume ohlelweni iPitchside Podcast, bavumelana ngelokuthi iSundowns ayisabisi kangako ezitheni.
UMngqithi uthi uncamela khona ukudeleleka njengegwala ngoba usuke efihle induku emqubeni.
“Angifisi ukusatshwa ingakaqali impi. Indlela engidaleke ngayo lena. Kufanele uqaphele uma uzoya empini negwala elikusabayo, lizokujuma ngesibhakela esisodwa esizokuqumba phansi ngoba lingafuni ucabange ukuvuka.
“Kungcono uma amaqembu engakusabi ngoba azoxegisa amabhawodi kwezinye izindawo. Sizobe sezigadla kulezondawo ezibuthaka. Ngikholwa ukuthi usuke unenkinga enkulu uma ungalisabi iqembu eselishaye amagoli angu-11 emidlalweni emithathu,” kubeka uMngqithi ekhuluma nabezindaba.
Umdlalo uzoqala ngehora lesithupha (18:00) eFree State Stadium okulindelwe ukuba igcwale phama njengoba amathikithi edayisa ngokushesha