Umqeqeshi weBafana Bafana obambe izintambo kwiCOSAFA Cup uHelman Mkhalele ukhale ngokungahlangani kwezakhe zicalezana amaphuzu neBotswana emdlalweni wesibili wamaqoqo.

IBafana ihluleke yancama ukuthola igoli kulomdlalo obubanjelwe eWolfson Stadium, KwaZakhele, eGqeberha.

“Sihlulekile ukuwina. Umdlalo besiwuphethe kodwa besigcina ibhola singafinyeleli kwingxenye yezitha. Besingathusi, ikakhulukazi uma sekufanele sikhiphe amaphasi okugcina. 

“Iqembu belingaqinisi unyawo, besilahla ibhola kalula. Umdlalo ubudonsa ngonyawo lonwabu, besingakwazi nokudlalisana noSibanyoni (Thabang Sibanyoni) obewina amabhola asemoyeni. Besingakwazi ukumeseka uma esephethe ibhola.

“Sizolungisa amaphutha emdlalweni wokugcina esizowudlala ne-Eswatini. Kufanele siqinisekise ukuthi siyawina ngenkani ukuze sizoba nethuba lokudlulela emzuliswaneni olandelayo,” kubeka uMkhalele ecashunwa abeSuperSport TV.

IBafana isengcupheni yokukhishwa ekuseni kwiCOSAFA njengoba ingakaze inqobe emidlalweni emibili. 

Izobhekana ne-Eswatini emdlalweni wokugcina ozobanjelwa eNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesibili.

UMkhalele ushintshe umdlali oyedwa kuphela eqenjini elabuya nephuzu libhekene neMozambique maphakathi nesonto. ULiam Bern weCape Town Spurs ungene esikhaleni sikaBrooklyn Poggenpoel. UMkhalele ythi ubezama ukuqinisa isisu.

“Sahluleka ukubamba umdlalo esiswini ngesikhathi sibhekene neMozambique. Igoli lokulinganisa balithola ngoba sahluleka ukumaka ngendlela esiswini.

“Ngibone kudingeka umdlali obezoqinisa iqembu esiswini. Izitha bezidlula kalula esiswini, bekuphoqa ukuthi sivalisise esiswini ngenhloso yokuhlasela ngokukhululeka,” kubeka uMkhalele.