Umqeqeshi weCape Town Spurs u-Ernst Middendorp uthi ukusayiniswa kwabadlali abanesipiliyoni ngoJanuary yilona kuphela isu elingakwazi ukusindisa leliqembu ezembeni. 

Isimo sibucayi kwiSpurs esiyibambe emsileni kwiDSTV Premiership ngemuva kwemizuliswano engu-14. Leliqembu selihlulwe emidlalweni engu-13, lanqoba kowodwa libhekene ne-Orlando Pirates. 

ISpurs siphinde sathola induku sihlulwa iMamelodi Sundowns ngo 3-0 koweligi ngoLwesithathu ebusuku. 

UMiddendorp ukubeke obala ukuthi leliqembu lisenkingeni ngoba ligcwele uvucu lwabadlali abangenaso isipiliyoni kulesigaba. 

“Kufuneka ngizame isisombululo sokutakula iqembu ezembeni. Ngicabanga ngezidingo ezifunekayo ukuze kuzosizakala iqembu. 

Inkinga izolungiswa ngokuthi kuthengwe abadlali, noma kubolekwe kwamanye amaqembu. Akukho engingakwenza okwamanje, kudingeka ngilinde ukuvulwa kwewindi lokuhwebelana ngabadlali,” kuchaza uMiddendorp ekhuluma nabezindaba. 

ISpurs sisele ngamaphuzu ayisikhombisa kwiRichards Bay ehleli endaweni ka-15. 

EzikaMiddendorp zisahlalelwe umqansa wemidlalo emibili kwiligi ngaphambi kokuhlaba ikhefu. ISpurs sizobhekana naMaZulu ngomhlaka 22 kuDisemba eThekwini, kulandele umdlalo womkhaya neCape Town City ngosuku lokuhlukanisa unyaka. 

“Kufanele sizame indlela yokuvala igebe ngoba sikuDisemba. Kusele imidlalo emibili kulonyaka. 

Kufanele silungise amaphutha ejimini. Asikaze sibhekane neqembu elisondele ezingeni lethu,” kuchaza uMiddendorp.