Umdlali weStellenbosch FC uDarrel Matsheke uthi wafikelwa umcabango wokuwabeka emgibeni amakhokho ngesikhathi eshiya kwiKaizer Chiefs ngesizini ka-2022/23. 

Lomdlali ufike kwezwakala kuleliqembu laseKapa alisize laqukula iCarling Knockout eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo. 

IStellies sinqobe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi sibhekene neTS Galaxy okuyiwe ekhefini ihamba phambili ngegoli likaLehlogonolo Mojela. 

UMatsheke ungene esiwombeni sesibili, washaya iphenathi enqobise iStellies. Lomdlali uthi kwasala kancane ukuthi asayine neCasric Stars edlala kuMotsepe Foundation Championship. 

“Ngacabanga ukuthi angeke ngiphinde ngidlale kwiDSTV Premiership. Ukusayina kwiStellies kuyinto enkulu kimi. Iqembu lingamukele ngezandla ezimhlophe. Abadlali bayazimisela kakhulu kanti nabaphathi bayaleseka iqembu,” kuchaza uMatsheke esithangamini nabezindaba. 

UMatsheke wabizelwa ukuba azojima neStellies eGoli ngesikhathi leliqembu lizoba nomdlalo kulesifunda. Umqeqeshi uSteve Barker uthi kwamthatha imizuzu elishumi ukubona izinga eliphezulu kulomdlali. 

“Kwakufanele ngiyosayina kwiCasric Stars. Kwashintsha izinto sekungena ucingo oluvela kwiStellenbosch. Kwakusele ihora ngaphambi kokuthi ngisayine neCasric Stars. 

Kwakunzima ukuhlala ngingenalo iqembu. Ngangicabanga nokuliyeka ibhola. Ngibonga kuMama ongizalayo ngokungigquqgquzela. Wayengitshela ukuthi ngingalilahli ithemba ngoba ngizolithola iqembu ngokuhamba kwesikhathi,” kuchaza uMatsheke. 

UMatsheke wavala isikhala sikaSibongiseni Mthethwa owasayina kwiKaizer Chiefs ngoSepthemba.