Umholi weqembu eliphikisayo e-Israeli, uYair Lapid, uthi kumele ahoxe njengamanje kwesobuNdunankulu uBenjamin Netanyahu amsola ngokuhola izwe ngendlela engathembekile.

ULapid ubeke umbono wakhe ngoNetanyahu engxoxweni nesiteshi sezindaba e-Israeli i-N12 njengoba kuqhubeka ukubulawa kwabantu basePalestine eGaza.

“UNetanyahu kumele ahoxe njengamanje. Sidinga izinguquko. UNetanyahu akakwazi ukuba wuNdunankulu wezwe. Asikwazi ukuqhubeka nempi ngaphansi kobuholi bukaNdunankulu ongathenjwa ezweni.

Ngemuva kwezinsuku ezine iHamas, okuyiqembu labazabalazela inkululeko ePalestine, lihlasele i-Israel ngo-October 7, uNetanyahu nomholi welinye iqembu uBenny Gantz bamemezela isivumelwano sokubeka uhulumeni wesikhashana ozobhekana nempi esisukile.

ULapid ngaleso sikhathi washaya phansi ngonyawo wathi ngeke awujoyine lowo hulumeni ewusola ngokuhluleka ukuvikela abantu base-Israel ngo-October 7.

Khonamanjalo, amazwe ayaqhubeka nokunxusa ukuthi kubekwe phansi izikhali eGaza njengoba sekubulawe abantu abasondele ku-12,000.

Umengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa, izolo umemezele ukuthi bazobhalela i-International Criminal Court (ICC) becela ukuthi iphenye amacala e-Israel eGaza.

Nomengameli waseTurkey kubikwa ukuthi usemvulele icala kwi-ICC uNetanyahu nohulumeni wakhe.