USihlalo we-ANC eNorthern Cape, uDr Zamani Saul, uthi owayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma usephelelwe wushatini kwezepolitiki futhi akayiboni inhlangano entsha, uMkhonto Wesizwe Party, ibadalela izinkinga okhethweni.
USaul uveze lokhu engxoxweni ne-EWN kulandela isimemezelo sikaZuma ngenyanga edlule sokuthi ngeke ayikhankasele i-ANC futhi uguqguzela abantu ukuthi bavotele iMK.
Former president Jacob Zuma backed MK party in full force in Duduza today pic.twitter.com/IlBFAUJMD4
— Willem phungula (@PhungulaWillem) December 30, 2023
UZuma wenza lesi simemezelo ngosuku okwasungulwa ngalo uMkhonto Wesizwe, kanti uzoba nomhlangano omkhulu eMpumalanga ngoJanuary 8, okuwusuku i-aANC okwasungulwa ngalo i-ANC ngo-1912. I0ANC izoba nomhlangano wayo wokuqala wesigungu esiphezulu eMpumalanga nonyaka, kanti kulindeleke ukuthi ithathe isinqumo ngekusasa likaZuma oseyilungu le nhlangano.
USaul uthi ziyahaba izinto ezishiwo ngeMK Party noZuma.
“Kunehaba okushiwo ngeMK Party, Angiyiboni iba nomthelela otheni kumphumela wokhetho lwango-2024,” usho kanje.