Umqeqeshi weParis St. Germain uChristophe Galtier uthi impumelelo yeqembu ilele ekutheni bonke abadlali bayalithola ithuba, nabanye bangacasuki uma beshiywa ebhentshini.
UMauricio Pochettino wayengajwayele ukushiya uLionel Messi, Kylian Mbappe noNeymar ebhentshini. UPochettino wazama ukubeka uMessi ebhentshini kodwa lomdlali wakhombisa ukunengeka ngesinqumo.
UGaltier ushiye uNeymar ebhentshini ngesikhathi ezakhe zixebula iNantes ngo 3-0 ngoMgqibelo.
UNeymar wangena esiwombeni, ezothatha indawo kaMbappe ongakhombisanga ukucasuka.
UMessi uyena osedlale imidlalo eminingi kwizihlabani zeqembu, kodwa wabuyiselwa ebhentshini emdlalweni weMonaco neToulouse.
“Sengikhulume kabili ngalendaba, ngabachazela abadlali ukuthi kufanele bangazikhukhumezi uma beshiywa ebhentshini. Bonke abadlali kufanele bakujwayele lokho ngoba imidlalo isondelene.
Sinemidlalo esondelene, kudlula imidlalo emithathu kuphela. INdebe yoMhlaba iyeza. Bonke abadlali kufanele baqonde ukuthi angeke bayidlale yonke imidlalo,” kubeka lomqeqeshi ecashunwa abe-ESPN.
Isitobha uSergio Ramos ubuyiselwe ebhentshini, wangena ngomzuzu ka-62.