Ukushaya i-Orlando Pirates eHarry Gwala Stadium ngeSonto kunyuse ukuzethemba kumqeqeshi weMaritzburg United uJohn Maduka okholwa ukuthi bangakwazi ukushaya wonke amaqembu uma evakashe kulenkundla.
IMaritzburg inyukele endaweni yesikhombisa kwiDSTV Premiership ngemuva kokushaya iBucs ngo 1-0 okube yiphenathi evalelwe enethini u-Amadou Soukona.
“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi amaqembu afika kulenkundla ayaphela isibhaxu. Sifuna ukubonakalisa ukuthi iHarry Gwala iyikhaya lethu langempela. Abadlali banyukelwe ukuzethemba.
Ukushaya iPirates kusinyusele umoya. Iningi labadlali bethu basuka kumaligi aphansi, ukushaya iPirates kubanyusele ukuzethemba, babona bengashaya inqwaba yamaqembu,” kubeka uMaduka ekhuluma nabezindaba.
UMaduka uthi kufanele baqinise emidlalweni esekuhambeni njengoba benza uma bedlala ekhaya. IMaritzburg isihlulwe kabili, yadlala ngokulingana kanye emidlalweni emithathu yasekuhambeni.
“Besiwina okwesibili kulesizini uma sidlala ekhaya. Kubalulekile ukuthi siwine ekhaya. Kuyaphoqa ukuthi sidlale kangcono ekuhambeni ngoba inzima imidlalo yeligi. Angeke uthi uhlela ukunqoba imidlalo yasekhaya kuphela,” kubeka lomqeqeshi.
UMaduka uthi uyajabula uma ebona amaqembu athathwa njengamancane ezimisela kwiligi.
“Lokho kuhle ebholeni lethu, kuyabonakala ukuthi wonke amaqembu ayashayeka. Akucaci ukuthi iliphi iqembu elihamba phambili.
Kusemanzi phansi ngoba amaqembu amakhulu anezikwati eziqinile. Asinine iligi emidlalweni elishumi. Ngiyajabula uma izinto zihamba kanje ngoba kwenzeka noma yini,” kubeka lomqeqeshi.