Umengameli weFrance Football Federation (FFF) uNoel Le Graet, ugcine exolisile ngendlela aphendule ngayo ebuzwa ngokuqasha uZinadine Zidane kwesokuqeqesha iqembu lesizwe.

UZidane ubebalwa phambili kwabacuthele ukuthatha lo msebenzi kuDidier Deschamps ngemuva kweWorld Cup ebiseQatar, kodwa iFFF yagcine iqoke ukuyelula inkontileka yakhe kunokuqasha umqeqeshi omusha.

Ebuzwa ngoZidane kuleli sonto uNoel uthe akanandaba nokuthi uyaphi futhi ngisho ngabe kuthiwa wayemfonela ebuza ngomsebenzi wokuqeqesha iFrance wayengeka alubambe ucingo.

Usegcine exolisile ngemuva kokugxekwa osopolitiki, izinkakha zeFrance, abadlali bayo okubalwa kubo uKylian Mbappe kanye neReal Madrid.

“Ngicela ukuxolisa ngendlela embi engikhulume ngayo, akuyona indlela engicabanga ngayo futhi ngisakuhlonipha akwenza esawumdlali nengankathi eseqeqesha. Ngiyavuma ukuthi angikhulumanga kahle. UZidane uyazi ngimhlonipha kangakanani, njengabo bonke abantu baseFrance.”

Khonamanjalo, obewukapteni weFrance, uHugo Lloris usememezele ukuthi ngeke esalidlalela iqembu lesizwe.