Umdlali omusha weNewcastle United othengwe kwi-AC Milan, uSandro Tonali, usephumele obala ngenkinga yokugembula, usethola usizo.
Lo mdlali (23), nozakwabo uNicolo Zanioli bakhishiwe esikwatini se-Italy ngempelasonto kulandela ukuvela kophenyo ngabo njengoba besolwa ngokugembula kwimidlalo yebhola e-Europe.
Okwamanje akucaci ukuthi babhejela yiphi imidlalo kodwa uma kutholwa ukuthi babheja kwimidlalo eyayithinta amaqembu abo bangase bezithole bemiswa isikhathi eside ebholeni.
Isibonelo esiseduzane wumgadli weBrentford i-Ivan Toney omiswe izinyanga eziwu-8 kulandela ukutholwa enecala lokuphula imithetho yokugembula ebekelwe abadlali e-U.K.
I-Agent kaTonali uGiuseppe Riso uthi lo mdlali uphumele obala ngenkinga anayo yokugembula futhi uthola usizo.
“USandro uzama ukuphuma ekugembuleni, uzonqoba. Ngicela ukubonga iNewcastle ngokweseka uSandro, ophatheke kabi ngokuphenywa kwakhe. Ngiyethemba adlule kukho kuzohlenga impilo yakhe. Uyazi kumele ayilungise inkinga abhekene nayo.”
Uthe lo mdlali angase adlale ngoMgqibelo kumdlalo weNewcastle neCrystal Palace.