Baphelile yinsini abantu ngombhalo wango-2020 weciko likamaskandi, uKhuzani Mpungose, agadla kuwo kuNgizwe Mchunu ethi mhlawumbe ubuxoki buyophela uma esiyikhehla kuye.

Lo mbhalo onokudlala phakathi ube sematheni kuleli sonto uvundululwa abantu njengoba kubonakale ngisho uTshatha ephawula kuwo.

Ebhala uKhuzani wakhala ngokungena kukaNgizwe ezintweni eziningi ezithinta amaciko. Okuhlekisa abaningi manje wukuthi uNgizwe usengene shi kwezepolitiki.

Nawu umbhalo kaKhuzani ophelele:

Yey sesibala iminyaka aguge uNgizwe mhlampe ubuxoki buyophela uma eseyikhehla yey uyalibonda izwe mtakaMantombela angikhathali
Emsakazweni wuwe
Ezintathelini wuwe
Emicimbini wuwe
Kuhulumeni wuwe
KuMaskandi wuwe
Kuma awards wuwe
Esithenjini wuwe
Akekho umuntu angenayo inumber yakhe
😂Ay ngigeza izandla
Anomgada unalo ithonya uma esefikile kuwe uyalaleleka yena ungagcina umkholwa konke akushoyo kanti ubani yena haha😂Owangakithi ngiyamazi

Ay mkhaya ngiyakuvuma ndoda 😂😂😂😂
Esho uyaphika yini uma esebanjiwe.
Ngingenaphi mina?
ngingenaphi mina?
Ubani yena😂😂
Bhatata
Unawo yena ama Throw pass
Kumele ube nama Defender amaningi uma uphila naye ngoba igoli uyalishaya nangakubo ukudla uhamba naye.