UMasipala wasePolokwane usufake iMarumo Gallants eNkantolo eNkulu yaseLimpopo ngenhloso yokumisa umdlalo weDSTV Premiership neKaizer Chiefs ozobanjelwa eRoyal Bafokeng Stadium eRustenburg ngeSonto.
Iziko labezindaba iFarPost libika ukuthi icala lizoqulwa eNkantolo namuhla ePolokwane.
IGallants noMasipala wasePolokwane banesivumelwano seminyaka emithathu sokusingatha imidlalo yePSL ePeter Mokaba Stadium.
UMasipala unqume ukufaka iGallants eNkantolo ngoba uyisola ngokungahloniphi isivumelwano senkontileka.
IBahlabane Ba Ntwa ivumelekile ukuthi idlale ePeter Mokaba mahhala, kodwa kunombandela wokuthi iqembu licazelane noMasipala wasePolokwane imali ekhishwa abalandeli.
Kuvela ukuthi abaphathi beRoyal Bafokeng Stadium banikeze iGallants u-R4 million ukuze bezosingatha umdlalo weChiefs eRustenburg.