Umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila, usekuqinisekisile ukuthi usebuyile kwiChippa United uKurt Lentjies owahamba kamuncu egqojwa umsebenzi.

ULentjies ubuya nje iChippa ilungiselela ukubhekana neRoyal AM ngoMgqibelo, lokhe yagcina ukunqoba umdlalo ishaya iSekhukhune United ngo 1-0 ngo-October nyakenye. Sekudlule imidlalo ewu-6 ingayazi iwin.

ULentjies uzobe yisekela lesibili likaMammila njengoba kukhona noSiya Gwambi.

UMammila uthi ubedinga umuntu ozobasiza ngenkinga yabo yakamuva yokuhluleka ukuvalela amagoli.

“Sike sakora amagoli imidlalo eyisikhombisa kulandelana okusho ukuthi siza kahle, kodwa ngiyamdinga umuntu onamava phambili. Ngiyazi uKurt unalo ulwazi ngakho ngimcelile ukuthi azosisiza. Uqalile ukusebenza kuleli sonto.”

ULentjies usize iChippa ivika izembe ngesizini edlule ngaphambi kokuncishwa umsebenzi okwaphetha ngokuthi unikezwe uDaine Klate.