Obengumqeqeshi weBaroka F.C uDan Malesela usephakamise imibuzo ngokuqashwa kukaNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs.

UMalesela uveze lokhu engxoxweni ne-Arena Sports Show njengoba iChiefs izomemezela uNabi maduze njengomqeqeshi weqembu.

“Ibhola laseNingizimu Afrika liyoshoda uma iKaizer Chiefs ingabalwa namaqembu adlala kahle. IKaizer Chiefs idlala indima enkulu ebholeni lakuleli ngenxa yabalandeli bayo, kuleli nasemazweni angaphandle” kusho yena.

“Ngakho ke, uma kuza umqeqeshi omusha kumele uqinisekise ukuthi umuntu omfanele umsebenzi. Uzojwayela kanjani ukusebenza kuleli engenaye umuntu wakuleli ozomsiza ngendlela izinto ezenziwa ngayo kwiChiefs nasebholeni lakuleli…angisho ukuthi uzohluleka, kodwa kumele azilungiselele lezi zinto.

“Okunye, abantu bazombekezelela isikhathi esingakanani? Ngoba awuyi kwiChiefs uyozama izinto, kumele ufike uwine.”