Umqeqeshi weMaritzburg United akakugqizi qakala ukuthi isiqale ukusabalala imibiko yokuthi angase akhonjwe afika ngayo kuleli qembu.

I-United ilengela ezembeni njengoba ikunombolo 14 kwi-log yeDStv Premiership. Isihluleka ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana. Izobhekana naMaZulu ngoLwesithathu ngo 5.30 ntambama kumdlalo okulindeleke ukuthi ushube futhi ongase uholele ekutheni axoshwe uMaduka uma bengabuyi nalutho.

“Usihlalo weqembu uyangeseka futhi uyazi ukuthi icebo ukwakha iqembu elisha,” kuchaza uMaduka.

“Ukwakha iqembu elisha kuthatha isikhathi. Ngiyakwazi ukumelana nengcindezi, ngikulindeleke nokuthi kugxekwe mina uma singayitholi imphunela. Kodwa okwamanje, angizifakile ngaphansi kwengcindezi. Ngishiye konke ezandleni zoMdali.

“Ngasho into efanayo kwiRoyal AM ngesizini edlule ngathi uma uMdali engangifuni la, ngizohamba. Uma efuna ngihlale, ngizoqhubeka – kulula.

“Isigcwele yonke indawo (indaba yokuthi angase axoshwe kuqashwe omunye umqeqeshi) – abanye abasabalalisa lento ama-agent. Afuna kufakwe abadlali awo,” usho kanje.

Lo mqeqeshi uthe okwamanje akatatazeli ngoba uyazi ukuthi amaphuzu amathathu angabathatha ababeke eduzane ne-Top 8.