UNdumiso Mabena useshiyile ngokusemthethweni kwiRoyal AM abedonsisana nayo ngenxa yokungaholelwa imali yakhe.
UMengameli weqembu uShawn Mkhize uqinisekise lezindaba ekhuluma no-Andile Ncube ohlelweni iSports Nights Amplified.
Kuvela ukuthi UMabena ugaqelwe yiMaritzburg United neChippa United.
Izolo bekubikwe ukuthi lomdlali usendleleni ebheke kwi-Orlando Pirates.
UMabena uzokwazi ukusayina neqembu alithandayo noma sekuvalwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali njengoba eseyi- free agent.