Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic uphume ezishaya isifuba ngabadlali bakhe ngemuva komdlalo wabo neMamelodi Sundowns waze wayiqhoshela wathi sekuyomele ilande uMbappe ukuze ibashaye futhi.
Umdlalo wayizolo ugcine uphele ngo 1-1 kodwa uRamovic uthi iqembu lakhe belingenhla libhekene nabadlali abakha imali ngamafosholo.
“Awuwini ngabadlali bama-million dollar njalo, kwesinye isikhathi uwina ngabadlali abanomoya oyi-million, yilokhu esikuphethe. Asinawo amandla afana nawabo wokuthenga abadlali ngo200 million. Besiwuphethe umdlalo, sidlala ibhola elihle.
“Ngiyabancoma abadlali bami ngebhola esilidlalile. Ngiyabonga nakubalandeli…sibe nenqwaba yamathuba kulo mdlalo, sahluleka ukuwavalela amanye. Ngokwethu siwunqobile umdlalo ngenxa yendlela esizinikele ngayo sibhekene neqembu elinzima.
Lo mqeqeshi, obize uRulani ngoMr Sunshine, uqhube wathi mhlawumbe ngokuzayo iSundowns sekuyomele ithenge uMbappe, Ronaldo noMessi ukuze ibashaye, kungenjalo kumele ahabule ulwazi oluphezulu.