Umgadli we-Orlando Pirates uzakhele Lepasa uhlaba ikhwelo kubagadli beqembu ababhekene nesambane sokuba buthuntu phambi kwamapali.

IBucs idlala ibhola elinenkosi phakathi kodwa iyahluleka ukusebenzisa amathuba ewakhandayo. Ukuboza kwabagadli kugcina kulahlekisele iqembu ngemiphumela egculisayo.

IPirates izobhekana neMarumo Gallants namuhla e-Orlando Stadium ngehora lesikhombisa (7:30).

ULepasa uthi abagadli yibona abadlisela iqembu.

“Isimo siyakhathaza. Sekuphele imidlalo emihlanu kodwa sisashaye amagoli. Kunzima uma ubheka izinga labagadli namathuba esiwakhandile. Kufanele sishaye noma igoli elilodwa emdlalweni.

Kufanele silungise amaphutha phambili ngoba sisaqhuba kahle emuva. Kufanele siqinise nathi singabadlali. Kumele sisebenze kanzima ukuze sizoqala ukuwina imidlalo ngoba angeke unqobe uma uhluleka ukushaya amagoli,” kusho uLepasa.

IBucs idlale ngokulingana neSuperSport United emdlalweni odlule.

IGallants ayiyazi induku selokhu kuqale isizini. Isadlale ngokulingana emidlalweni emine.