Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi ingamampunge indaba yokuthi usola iqembu lesizwe ngokuhluleka ukunakekela umgadli uZakhele Lepasa owayevele enokuthinteka edolweni ngesikhathi ebizelwa ekhempini.
ULepasa akawuqedanga umdlalo ne-eSwatini owaphela zibambene ngo 0-0. IBafana iqoke ukumbuyisela kwiBucs uLepasa ophinde wathinteka edolweni ngesikhathi esekhempini yesikwati.
Akazange esabonakala emdlalweni wesibili ne-Ivory Coast owadlalwa e-Abidjan.
URiveiro unqabile ukuphawula kakhulu ngamahebezi, wadalula ukuthi uLepasa wayevele elimele ngisho kungadlalwa umdlalo wamanqamu weMTN 8.
“Angiwanaki amahebezi ngoba angiwafundi emaphepheni. Anginalo ulwazi ngokwenzekile. Engikwaziyo ukuthi uZakes ubuye ekhempini ngoMgqibelo eselimele. UZakes ubevele enezinkinga ngaphambi komdlalo wamanqamu.
Sasimqaphe ngeso lokhozi uZakhele ngaphambi komdlalo wamanqamu. Wayengekho esimeni sokuqeda umdlalo kodwa wakwazi ukuwuqeda yize engasiwo umqemane.
Angikwazi okwenzeke ekhempini yeqembu lesizwe. Angiboni kuwumqondo omuhle ukuhleba ngabadlali.
Ngibona ukuthi uZakes uhlulekile ukudlala eqenjini lesizwe ngoba ubelimele. Odokotela babone kungcono ukuthi abuyele eqenjini lakhe.
UZakes wayevele elimele. Uyalulama kancane kodwa akekho esimeni sokudlala ngoLwesihlanu,” kuchaza uRiveiro obekhuluma esithangamini nabezindaba eParktown.