Owayeyistobha seKaizer Chiefs, uPatrick Mayo, usewashayele ihlombe amaqhinga asetshenziswe wu-Arthur Zwane kwiSoweto Derby ngempelasonto.

UMayo uthi ngabe usexoshiwe kwiChiefs ukube abanqobanga ngoMgqibelo bebhekene ne-Orlando Pirates.

“Ngimjabulele u-Arthur ngoba ukube udliwe ngoMgqibelo ngabe usexoshiwe namhlanje,” kusho uMayo ekhuluma neKickOff.

“Ngimjabulele ngoba unqoba iderby yakhe yokuqala ewumqeqeshi weChiefs. Kumele aqhubeke azithobe kodwa, angavumeli ukuthi kumngene ekhanda. Bengiqala ukubona u-Arthur ejabulela igoli, kusho ukuthi limkhululile.

“Abadlali aqale ngabo ngoMsombuluko kumele akhe iqembu phezu kwabo. Kwaba yisinqumo esihle kakhulu ukufaka uDillon Solomons. Wamuvala kahle uSaleng.

“Bekubonakala ukuthi u-Athur wawufundisisa umdlalo weSundowns nePirates (owanqotshwa yiBucs ngo 3-0).”