Udaba: uSphamandla Gumede

Umqeqeshi weLiverpool uJurgen uthi ukukhanya akubonile ngekusasa yikhona okumqugquzele ukuthi asayine inkontileka entsha neqembu. 

UKlopp wake wadalula ukuthi inkontileka yakhe edlule, eyayiphela ngonyaka ka-2024, kwakungeyokugcina eseMelwood. 

Ebuzwa ngokusayina lenkontileka entsha, UKlopp uphendule kanje:


“Ngesikhathi ngisayina inkontileka entsha, ngangizitshela ukuthi iyona eyokugcina. Ngangihlele ukuhlala iminyaka engu-8 ebizophela ngo-2024. Ngangizitshela lokho. 
Nina abezindaba ningibuza imibuzo nginiphendule, nginitshela iqiniso njengamanje. Bengingayicabangi indaba yenkontileka entsha. Kushinshe izinhlelo kuphela, ngasayina kabusha. 

Nina abezindaba ningibuza imibuzo nginiphendule, nginitshela iqiniso njengamanje. Bengingayicabamgi indaba yenkontileka entsha. Kushinshe izinhlelo kuphela, ngasayina kabusha. 

Uthe ukusayina inkontileka entsha kuzodala uzinzo eqenjini, oluzoqhubeka iminyaka eminingi noma esehambile.


“Besifuna ukukhanda iqembu elizophumelela isikhathi eside. Angisho ukuthi ngizohlala kwiLiverpool unomphelo. Kuhle ukuthi ngisayine ngokushesha. Kuzoba lula ukutheza abadlali uma sekuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali. Angeke siqinisekise ukuthi iqembu lizophumelela kodwa singalwakha uzinzo, okuyinto ezohlala isikhathi eside noma sekunzima. 

Ngijabule ngokuhlala kwiLiverpool. Kuningi engikuthola eqenjini, sibumba iqembu eliqinile, lokho kukhombisa ukuthi sifuna ukuphumelela. Impumelelo yeLiverpool isaqala, angisabisi muntu. 

Angeke silinde iminyaka elishumi ukuze sizokwakha izikhathi zokujabula. Kufanele siqale manje. Asijabulele uhambo, asazi noma sizowina zipho izindebe. Sizozama ngakho konke ukunqoba izindebe ezikhona,” kubeka uKlopp.