Udaba: uSphamandla Gumede
Umdlali weManchester United uMason Greenwood usazokhululeka engaphandle kuze kushaye uJuni.
Lomdlali wayeboshwe ngezinsolo zokudlwengula, ukushaya nokusabisa ngokubulala.
UGreenwood (20) waboshwa amaphoyisa aseGreater Manchester ngomhlaka 30 kuJanuary ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezinkundleni zokuxhumana.
Wakhishwa ngebheyili ezophelelwa yisikhathi ngoMgqibelo.
Namuhla emini, maphoyisa aseGreater Manchester aqinisekise ukufakwa kwesicelo sokwelula ibheyili kaGreenwood.
“Siyaqhubeka nokuphenya umbiko owalethwa ngeSonto lomhlaka 30 January owawuqondene nezithombe ezazisabalele ezinkundleni zokuxhumana, kuvela owesifazane owayedalula ukuthi uyahlukunyezwa.
“Kwaboshwa owesilisa oneminyaka engu-20 ngezinsolo zokudlwengula nokushaya umuntu wesifazane nokusongela ngokubulala. Umsolwa ungaphandle ngebheyili.
Isicelo sithunyelwe enkantolo ukuze kuzokwelulwa ibheyili yakhe ephela ngomhlaka 30 ku-Ephreli. Ukudlalela kwesicelo sebheyili kuzokwenziwa kungakafiki uJuni. Umsolwa uzoqhubeka ahlale ngaphandle ngebheyili kuze kufike usuku lokuqulwa kwecala. Ezinye izindaba mayelana nomphumela wecala zizokhishwa yithimba lamaphoyisa elibhekelela abezindaba.”
UGreenwood usamisiwe ekuzilolongeni neManchester United.