Inkakha kanozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune uthi wazizwa ethatheka kancane enikezwa umsebenzi wokuqeqesha u-U13 kwinkulisa yaleli qembu ngesikhathi kuphela inkontileka yakhe ngo-2024.
UKhune uveze lokhu engxoxweni neKickOff muva nje, uyaqhubeka nokuzwakalisa ukungenami ngendlela ashiye ngayo kuMakhosi njengoba ayesafisa okungenani ukwelulelwa inkontileka yokudlala ngonyaka owodwa.
UKhune usekuveze kaningana ukuthi ngesikhathi ephelelwa wumsebenzi kwiChiefs wayezizwa esasezingeni elifanele Ukuqhubeka nomsebenzi, kwezinye izikhathi ubuye aziqhathanise nonozinti weMamelodi Sundowns uDenis Onyango ethi uma esakwazi ukudlala eseneminyaka ewu-40, naye usangayibamba ngoba una-37.
Abaphathi beChiefs bagcina bemchithile futhi alikho neqembu lePSL elikhombise intshesekelo ngayo ngemuva kokuphelelwa wumsebenzi. Kwavela nokho ukuthi iChiefs yayimhlelela indawo njengenkakha yeqembu, nokuyilapho abangazwananga khona.
“Ngangizokuncamela ukuba wumqeqeshi wonozinti kwi-first team, kodwa nganikezwa ithuba lokuba wumqeqeshi ka-U13,” kusho uKhune.
“Uma ubuka ukuthi ngase ngidlale isikhathi esingakanani ngingaphansi kwengcindezi, ngangizoba wuhlobo lomqeqeshi oluzokhiphela ukhwantalala kubadlali abancane ngilokhe ngibathethisa, ngavela ngathi cha ngiyabonga.
“Mhlawumbe ngelinye ilanga ngingaba yi-scout ngoba ngineso lokuthola ikhono ebholeni. Ngangizitshela ukuthi iqembu lizokhuluma nami ngalezi zikhundla, kodwa ke abaphathi babehlele okunye.”