Sphamandla Gumede

Umdlali weBafana Bafana uThapelo Morena uthi ukubhakuzisa inethi kabili eFree State Stadium kumkhumbuze izinsuku zakudala esagijima kwiBloemfontein Celtic.

UMorena (30) ungene esuka ebhentshini, washaya amagoli amabili asize iNingizimu Afrika yanqoba ngo 3-1 ibhekene neZimbabwe kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesibili.  

Kuchwaze inkundla ngesikhathi uMorena eshintsha u-Elias Mokwana esiwombeni sesibili. Lomdlali wahlala amasizini amathathu kwiCeltic ezinze eBloemfontein ngaphambi kokusayina kwiMamelodi Sundowns ngo-2016. 

Amagoli kaMorena asize iNingizimu Afrika yakhuphukela endaweni yesibili kuGroup C njengoba isiqoqe amaphuzu ayisikhombisa. IBafana isisele ngephuzu elilodwa kwiRwanda eqhwakele kuleliqoqo.

UMorena uthi ubebahlebelile ozakwabo ukuthi abalandeli baseFree State bazoyigcwalisa inkundla.

“Kuyinto ehlukile ukuzodlala eBloemfontein, kungivusele umuzwa wenjabulo. Ngibatshelile ozakwethu ukuthi kuzogcwala eBloem. Bekufanele sibabonge ngokuzikhandla enkundleni.

“Ukushaya amagoli amabili kungikhumbuze izikhathi zakudala ngoba ngidlalile kulenkundla ngaphambilini. Ngidlalile eDr Molemela Stadium eminyakeni edlule, bekufanele ngizimisele emdlalweni, ngibuyisele kubalandeli. Besifuna ukubonga abalandeli baseBloemfontein nabobonke abathanda iqembu lesizwe,” kuchaza uMorena ovotelwe njengomdlali ovelele.

UMorena ubonge abalandeli baseFree State ngokuphuma ngobuningi bezokweseka iBafana esiqede iminyaka elishumi ingalubhadi kulesifunda.

“Abalandeli bajabule. Indlela abathanda ngayo iqembu besiyibona ngisho sesiyojima eDr Molemela Stadium. Iqembu belifuna ukubuyisela kubalandeli baseBloemfontein. 

“Umqeqeshi ubesichazelile ukuthi sidinga amaphuzu agcwele noma siqoqe amane emidlalweni emibili,” kuchaza uMorena.

UMorena uthi akumdikibalisi ukuqala ebhentshini ngoba uhlezi ekulungele ukusiza iqembu uma esenikezwa ithuba.

“Umqeqeshi uhlezi echaza ukuthi bonke abadlali banendima abayidlalayo. Umdlalo ubonakala ngendlela ehlukile uma uhleli ebhentshini ngoba imiyalelo yabaqeqeshi uyizwela eduze.

“Ngiyaqinisekisa ukuthi angiphazamiseki uma ngisebhentshini ngoba ngiyazi ukuthi ngingenza umehluko uma nginikezwa ithuba,” kubeka uMorena.