Umqondisi wezemidlalo kwiKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Junior uthi yindaba eyakhiwe abezindaba ukuthi bekunizingxoxo phakathi kwaMakhosi nobengumqeqeshi weYanga uNasreddine Nabi.

UNabi waphumela obala ngezixoxo phakathi kwakhe neChiefs wathi kodwa akakwazi ukudalula okuningi…ngokuhamba kwesikhathi iChiefs yethusa abaningi imemezela uMolefi Ntseki njengomqeqeshi omusha weqembu. Ngaleso sikhathi kwavela ukuthi uNabi ufuna ukuza nabasizi bakhe, engafuni ukuthi kugcinwe u-Arthur Zwane noDillon Sheppard njengamaphini akhe.

UMotaung Jr nokho uthi konke lokhu kungamampunge.

“Iyangixaka le ndaba kaNabi yazi. Yinto engicabanga ukuthi iqale u-Arthur Zwane esawumqeqeshi weqembu. Kuningi okushiwo abezindaba okungelona iqiniso futhi ezingahambisani nesizama ukukwenza. Siyazi senzani futhi siyazi ukuthi sifuna iqembu libheke kuphi. Kumele siziphathe ngendlela efanelekile, sihloniphe wonke umuntu othintekayo.”

UJr uqhube wathi basanda kudlala neYanga njengendlela yokwakha ubudlelwano naleli qembu elidumile eTanzania, wathi okuvela ezindabeni kubuye kuphazamise izinto abazama ukuzenza kodwa akukho okuzobaphazamisa ezinhlelweni zabo.

“Sesikulindele ngabomvu ukubona uNtseki enza umsebenzi wakhe, abeke iqembu kwelinye izinga,” kuphetha uJr.