Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola kwiDiskiTV kuYouTube, uJunior Khanye, uthi iMamelodi Sundowns ishode ngamava ka-Andile Jali ngesikhathi ikhishwa kwiCAF Champions League ngempelasonto.
UJali uvalelwe ngaphandle esikwatini seDowns kulandela ukungaboni ngasolinye noRhulani Mokwena okuthiwa kwadalwa yisigameko sokufika ejimini edle amponjwana. Muva nje uzishayela izindawo, uyazingcebelekela eNingizimu Afrika njengoba kusanemibuzo ngekusasa lakhe ebholeni lakuleli.
UKhanye nokho uthi iSundowns ibingalusebenzisa ulwazi lukaJali ngesikhathi iwashiswa umjezi ngoMgqibelo phambi kwezinkumbi zabalandeli ezingeniswe mahhala.
“Leli qembu belize ngokuzodlala ngokuzuma. Ngiyazi ukuthi abanye abantu bazokhuluma kodwa kade ngasho ukuthi iSundowns ngeke iwunqobe lo mqhudelwano kule sizini. Angikuphiki ukuthi idlala ibhola elihle kwiDStv Premiership nakwiCAF….kodwa abalulekile amava kaJali.
“Abanye abantu bazothi khohlwa uJali kodwa iqiniso limile, uJali ubedingeka laphaya ngokunjalo noDe Reuck…” kusho uKhanye ngaphambi kokuthi uNkululeko amphule ulime emkhumbuza ukuthi kuphelile ngekusasa likaJali kwiSundowns.
UKhanye uqhube waveza nokuthi naye uJali kumele azinuke amakhwapha ngokuvalelwa ngaphandle esikwatini seSundowns ngoba ubengaba sesimeni sokuyisiza kule mpelasonto.
UKhanye uphinde wakhala nangokungabibikho kukaNeo Maema no-Allende kulo mdlalo, abathola amakhadi abomvu emlenzeni wokuqala.