Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs uCavin Johnson uhambe egculisekile ngokuthola amaphuzu amathathu kwiMoroka Swallows ngeSonto kodwa usakhala ngamaphutha afuna bawalungise ngokushesha.
IChiefs ishaye iDube Birds ngo 1-0 eDobsonville Stadium kumdlalo obekulindeleke ukuthi ushube kulandela imibhalo kasihlalo weSwallows ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu echomela Amakhosi ngokuba ngenhla kwawo kwi-log yeDStv Premiership.
IChiefs igcine inqobe ngegoli elivalelwe wuChristian Saile esiwombeni sesibili ngomzuzu ka-82.
“Indawo esikuyo ikahle kodwa sinamaphutha amaningi…kodwa ukuze ukwazi ukushaya iqembu eliphezulu kunawe kwi-log ekuhambeni kumele udlale kahle. Ngicabanga ukuthi sidlale kahle kodwa besingawavalela amanye amagoli amabili. Sithole amathuba amabili amahle esiwombeni sokuqala ngazitshela ukuthi sizokora kodwa sageja,” kusho uJohnson ngemuva komdlalo.
“Noma kunjalo ke uSaile ugcine ekorile. Kuyajabulisa ukubona izinto zihlangana kodwa akukho mnandi ukwazi ukuthi umdlalo ubuwuphethe kodwa wangawasebenzisa amathuba.”