Umqeqeshi oyibamba kwiKaizer Chiefs uCavin Johnson uchazwe yimizamo kaMfundo Vilakazi obedlala okokuqala eqenjini elikhulu ngesikhathi bekhishwa yiMilford kwi-last 32 yeNedbank Cup ngeSonto ebusuku. 

UVilakazi (18) ungene ngomzuzu ka-63 esuka ebhentshini, wakhombisa ukungasabi ukudlala eFNB Stadium ebigcwele abalandeli beChiefs. 

UJohnson uthi kumjabulisile akubone kuVilakazi. 

“Ngicabanga ukuthi udlale kahle kwazise nomdlalo ubunengcindezi enkulu. Usemncane kakhulu uVilakazi.

Angikhumbuli elahla ibhola, ngimbona enekusasa eliqhakazile kwiChiefs. Namuhla uhlulekile ukukhombisa ibhola lakhe, belizovela obala ukube sikwazile ukushaya igoli. Besizombona ukuthi udlala kanjani uma ephethe ibhola,” kuchaza uJohnson ekhuluma nabezindaba. 

Kubukeka kuzophela isizini ka-9 iChiefs ineshobolo lokunganqobi neyodwa inkomishi. 

UJohnson uthi bazicijelile amaphenathi ejimini ngaphambi komdlalo. 

“Ufanelwe ukuxoshwa emsebenzini uma ungena kulomqhudelwano ungakaze uzame ukucija abadlali ngamaphenathi. Akukhathalekile ukuthi ubhekene naliphi iqembu. 

Amaphenathi afana nelotho, kuyenzeka ugeje noma uqondane nenhlanhla yokubhakuzisa inethi. Abadlali abahlanu abakhahlele amaphenathi benza ezibukwayo ngesikhathi sizicija ejimini. Angeke umgxeke umdlali ogeja iphenathi,” kuchaza uJohnson.