Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt ubona sebezifakele ingcindezi zibekwa kwiCAF Confederations Cup njengoba sebehlulwe kabili.

ISuperSport iguqiswe abavikeli besicoco i-USM Alger ngo 2-0 ePeter Mokaba Stadium ngeSonto. Lomphumela ubambise amaTsatsantsa amabhuleki emsileni njengoba amaphuzu engabonwa. 

Ngaphambi komdlalo, uHunt ubekhulume ngokubaluleka kokunqoba imidlalo esekhaya. UHunt uthi ukuhlulwa ekhaya kubathwese umthwalo onzima. 

“Kunzima ngoba sekusele imidlalo emine nayo ezosithwalisa kanzima. Kusishubele ngoba sisazovakashela neqembu elisihlule ekhaya. Banesipiliyoni, baqinile ngokwemizimba uma beqhathaniswa nathi. Sesiyobona uma sesidlala ekuhambeni. 

“Sizodlala ekuhambeni kuleli sonto. Kuzophoqa sihlele iqembu elizohambela emdlalweni weligi ngoba sizozicijela ukulibhekisa eLibya ngemuva kwalokho. Kuyathusa ukulibhekisa eLibya ngoba awekho amaqembu avamise ukuyodlala khona,” kuchaza uHunt ekhuluma nabezindaba. 

UHunt uthi iyamdida inkinga yokushweba amathuba ehlasele iqembu lakhe. UBradley Grobler noShandre Campbell bayeke amathuba amahle esiwombeni sokuqala, abengabuyisa iSuperSport emdlalweni.

“Ukugeja amathuba kuyangikhathaza kodwa kusengcono ngoba siyawakhanda amathuba. Sihlulekile ukushaya igoli emidlalweni emihlanu edlule. 

Kungiphathisa ngekhanda ngoba sathola inqwaba yamathuba ngoLwesithathu. Kufanele siqhubeke nokulwa yize sibhekene nezinkinga ezifana nalezi,” kuchaza uHunt.