Usale ephoxekile umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt ngesikhathi iqembu abadlale nalo koweCAF Confederations Cup i-Al Hilal Benghazi libaphendukela, lifuna ukubaqeda ngegqindi eLucas Moripe ngoLwesithathu. 

ISuperSport iwunqobe ngo 2-1 lomdlalo ophele sekuphume amakhadi abomvu. Kuphele imizuzu elishumi kunengxabano enkulu enkundleni, unompempe waqoka ukujezisa abadlali ababili ngamakhadi abomvu. 

“Lesimo sibhekana naso njalo kwiCAF. Angiboni liqhubeka ngendlela elungile ibhola lase-Africa. Yingakho sisele emuva. 

Kuyadabukisa okwenzeke namuhla, angeke sithathe igxathu eliya phambili ebholeni lethu. Isimo besishube kakhulu eLibya, bekungcono okwenzeke namuhla. 

Ngizoncoma abadlali abasebancane ngoba bakhulile namuhla. Nginikeze abafana ababili abaneminyaka engu-18 ithuba lokudlala. Lokho kuzosiza iqembu, kuvule imiqondo yabo. Nebhola lakuleli lizozuza kakhulu eminyakeni ezayo. 

Abadlali abasebancane bazokhula, kufuneka badlale ibhola elidla utshani njengoba senzile emidlalweni emine edlule. Sihlulwe emidlalweni emithathu kodwa ibhola esilidlalayo liyangijabulisa,” kuchaza uHunt ekhuluma nabezindaba. 

UHunt uthi ngabe uyabasukela onompempe ngokubasola, kunalokho ukhombe iphutha kwi-Al Hilal. 

“Angifuni ukukhuluma kakhulu kodwa iqembu ebesidlala nalo liqale izinkinga eziningi. Angiliboni iphutha konompempe. 

Nabo onompempe bazithathile izinqumo ezibheke eceleni kodwa ngikhala kakhulu ngeqembu ebesidlala nalo ngoba liyathanda ukulwa. Angeke sivume ukwenza lokho obekufunwa yibo,” kuchaza uHunt