Umqeqeshi weRichards Bay uKaitano Tembo ubona esengcupheni yokuphelelwa umsebenzi kwiRich Boys ebhinjelwa imiphumela kwiDSTV Premiership kulesizini. 

IBay ithole induku ka 3-1 ibhekene neCape Town City emdlalweni weligi obusingathwe eKing Zwelithini Stadium. 

Leliqembu lisahluleka namanje ukunqoba umdlalo weligi osekhaya kwazise lisaqoqe amaphuzu ayisithupha. 

IBay ilengela ezembeni kweligi njengoba ihleli kunombolo 15, ngaphezulu kancane kweCape Town Spurs engenalo nelilodwa iphuzu.

UTembo uthi sekushoda yona inhlanhla eqenjini ngoba ibhola bayafika ebhokisini lezitha. 

“Kuyakhathaza ukungayinqobi imidlalo kodwa kubalulekile ukuthi siqhubeke nokuzikhandla ngoba sisengakwazi ukuphendula imiphumela. 

Sidinga inhlanhla ngoba sibhekana namaqembu ashaya amagoli yize ekhanda amathuba ambalwa. Thina sidinga amathuba alishumi ukuze sizoshaya igoli. Kunzima okwamanje, kuphoqa ukuthi sibuyele ejimini,” kuchaza uTembo ecashunwa abeSuperSport TV. 

UTembo uthi ukuhlala isikhathi eside ngasezembeni kuphazamisa imiqondo yabadlali. 

“Ukuhlala isikhathi eside ngasezembeni kuphazamisa abadlali ngokomqondo. Kufanele sibhukule, sizame ukubaleka ngasezembeni. Kuyasiphoqa ukulwa ngamandla ukuze sizojika izinto,” kuchaza lomqeqeshi. 

IBay isingatha imidlalo yasekhaya eKing Zwelithini, okuyinkundla abayitshelekile kwazise kusalungiswa ikhaya layo uMhlathuze Sports Complex. 

Ngesonto eledlule, uSihlalo weqembu uSifiso Biyela wakhuluma nabeSABC Sport, wabachazela ukuthi iqembu liyashayeka ephaketheni njengoba lidlala eThekwini. 

UTembo uvumelana noSibiya kuloludaba.

“Kuyinto enhle ukusingatha imidlalo enkundleni okungeyakho. USihlalo uneqiniso uma ethinta indaba yokuhambela eThekwini. 

Ukudlala eThekwini kuyasikhathaza kakhulu. Kunzima noma sifuna ukungcweka nelinye iqembu ngoba sihlela uhambo lwamahora amane. 

Abadlali bayakhathala kodwa nginethemba lokuthi inkundla yethu iyalungiswa,” kusho uTembo.