Yize abalandeli beKaizer Chiefs bengamthandisisi selokhu iqalile isizini ka-2023/2024, uSifiso Hlanti, uyakuchitha ukuthi uke waboza emdlalweni edlule.
Iningi labalandeli alimuzwa uHlanti njengoba limsola ngokuba namaphushana adliselayo kule sizini.
UHlanti wagxekwa kakhulu ngokuhuqa ubuthongo ebhokisini ngesikhathi uKhuliso Mudau weMamelodi Sundowns engqofela enethini igoli emdlalweni womlenze wokuqala weMTN 8.
“Angeke ngivume ukuthi ngiyabhacaza ngoba sidlala siyiqembu. Akungabhekiswa umunwe ngakimi.
“Ngiyazimisela futhi kusafanele ngikhuphule amasokisi,” kubeka uHlanti ekhuluma nabezindaba eNaturena izolo.
Indawo kaHlanti kwesokunxele emuva isithathwe u-Edmilson Dove obexinwe ukulimala ekuqaleni kwesizini. UDove useyibambe emuva kusukela emdlalweni womlenze wesibili weMTN 8 neSundowns.
UHlanti (33) akabonakali ngisho ebhentshini selokhu kubuye uDove. Uthi akumphathi kabi ukulahlekelwa yindawo eqenjini.
“Kufana nokuthi siyasizana, angeke ngikhale ngokuthi ngilahlekelwe indawo. Akekho umdlali onendawo eqinisekisiwe, sonke siyalifuna ijezi.
Sizomeseka umdlalo onikezwa ithuba lokudlala. Kufanele sibumbane siyiqembu ngoba sidlala ndawonye,” kusho uHlanti.
UHlanti ubona ithuba lokuqeda is ishobolo lokweqiwa yizindebe ngomqhudelwano weCarling Knockout abazowuvula naMaZulu eFNB Stadium ngoMgqibelo.
“Lomqhudelwano usinikeza ithuba lokunqoba indebe. Angeke kube lula ngoba wonke amaqembu azobe ezilungiselele. Sizosebenza ngokuzikhandla.
Abadlali bakhombisa ugqozi lokuwulangazelela lomdlalo. Siwulungiselele kahle lomdlalo. Angeke sibuke emuva, umoya uphezulu eqenjini,” kubeka uHlanti.