U-Erling Haaland ube ngumdlali wokuqala ukuvalela amagoli awu-33 emdlalweni ewu-29 ngesizini eyodwa kwiPremier League iManchester City ishaya i-Arsenal ngo 4-1 e-Etihad Stadium izolo ebusuku.
UHaaland uphule irekhodi likaMoh Salah, owavalela amagoli awu-32 emdlalweni ewu-38 ngesizini ka-2017/2018.
Babili kuphela abagadli asebeshaye amagoli angaphezulu kukaHaaland ngesizni eyodwa kwiPremier League; u-Alan Shearer no-Andy Cole abashaya amagoli awu-34 ngama-90s kodwa ngaleso sikhathi iligi yayinamaqembu awu-22, okusho ukuthi kwakudlalwa imidlalo engaphezulu kuka-38 ngesizini.
UHaaland usasalelwe imidlalo eyisikhombisa ukuphula irekhodi labo.
Ukunqoba kweCity izolo kuyibeke endaweni engcono embangweni wesicoco seligi njengoba isisele ngamaphuzu amabili kwi-Arsenal futhi inemidlalo emibili esandleni.
Emdlalweni elandelayo izobhekena neFulham, West Ham neLeeds United ngaphambi kwesemi-final yeChampions League neReal Madrid.