Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uthi ibhola alibone lidlalwa yiqembu lakhe ngesikhathi bebhekene neLiverpool kanye neTottenham Hotspur limnikeze isiqinisekiso sokuthi bazoyinqoba iligi kule sizini. 

ICity isidlale ngokulingana emidlalweni emithathu eyedlule ibhekene neChelsea, Liverpool neSpurs. Lemiphumela yehlisele amaCityzens endaweni yesithathu kwiPremier League. 

EzikaGuardiola zibhekene nomqansa wokuvakashela i-Aston Villa koweligi ngoLwesithathu. 

UGuardiola uthi nakanjani bazoyinqoba ihlandla lesine kulandelana iligi. 

“Ngikholwa ukuthi sizoyinqoba iPremier League. Sizoyiphinda iligi uma sizoqhubeka nezinga esilikhombise sidlala neLiverpool neTottenham. 

Abantu sebelahla ithemba ngemuva kwemidlalo emithathu sidlala ngokulingana. Sizoyinqoba iligi yize kunzima ngoba alikho iqembu eselinqobe iligi amahlandla amane kulandelana,” kuchaza uGuardiola ekhuluma nabeSky Sports. 

ICity inerekhodi lokuqhulula amagoli amaningi ukudlula amanye amaqembu kulesizini (36). 

IVilla ayikaze ithole induku eVilla Park selokhu kuqale isizini. Leliqembu eliphekwa u-Unai Emery, selishaye amagoli angu-23 emidlalweni eyisithupha eVilla Park. 

“Ubunzima bukhona njengoba kwenzekile ngesizini ephelile kodwa asililahlile ithawula. 

I-Aston Villa inabadlali abasezingeni. IVilla iqine kakhulu selokhu kufike u-Unai Emery. Unqobe i-Europa League kathathu kulandelana esaqeqesha iSevilla. Washaya umsebenzi oncomekayo kwi-Arsenal,” kuchaza uGuardiola. 

ICity izodlala engekho uJack Grealish noRodri abadonsa izigwebo zamakhadi aphuzi. UJeremy Doku usengcupheni yokungadlali ngenxa yokuthinteka. 

ICity yathola isibhaxu emidlalweni emithathu engekho uRodri owayedonsa isigwebo sekhadi elibomvu.

“Angeke sikuphike ukubaluleka kukaRodri kodwa sizozama ukuthola isisombululo kulomdlalo we-Aston Villa,” kubeka uGuardiola.