Ungqongqoshe omusha wezobuCiko nezeMidlalo uMnuz Gayton McKenzie usethembise ukuthi wonke umholo wakhe kaR2.6 million uzowunikela kwiJoshlin Smith Foundation.

UMcKenzie uveze lokhu izolo kulandela ukufungiswa kwiKhabhinethe kamengameli Cyril Ramaphosa.

UMcKenzi uzoqoqa uR2.6 million esikhundleni abekwe kuso. Ukube ubeyilungu lephalamende kuphela ubezohola imali engaphezudlwana kukaR1 million ngonyaka.

Uthi akayelanga imali ePhalamende.

“U-100% womholo wami uzoya kwiJoshlin Smith Foundation egxile ekubhekeni izingane ezidukile. Lokhu ngizokwenza ngize ngiphume ePhalamende. Ngizowunikela wonke, hhayi u-80% noma u-50%…ngoba angizelanga imali la, ngizele ukuzoguqula izimpilo zabantu,” usho kanje.