Ukubhaxabulwa kweKaizer Chiefs ngo 4-0 ngempelasonto edlule ibhekene neMamelodi Sundowns kunyuse amaphaphu kubalandeli, abaqale ukukhononda bebona sengathi iqembu lizoqhubeka lidonse kanzima kulesizini.
UReeve Frosler uthi iseyinde indlela, abalandeli a azame ukubekezela ngoba iqembu lisazama ukuhlanganisa abadlali abasha.
IGlamour Boys izobhekana nomakoti iRichards Bay emdlalweni weligi eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo (8pm).
USiyethemba Sithebe, Yusuf Maart, Ashley Du Preez noGeorge Matlou bayingxenye yabadlali abasha abazitamuzela isikimu kwiChiefs selokhu kuqale isizini.
“Iligi isanda kuqala. Kukhona abadlali abasha eqenjini. Okwamanje sisazama ukuhlanganisa isikimu. Sisabheka abadlali abatholana kangcono ngaphambi kokuba abalandeli basigxeke,” kusho uFrosler obekhuluma nezintatheli eNaturena izolo.
UFrosler uthi umehluko ngomdlalo odlule ukuthi iSundowns yakwazi ukusebenzisa amathuba eyawathola, bona bahluleka ukushaya amagoli sebefikile emapalini.
“Umdlalo ubungekho nzima kakhulu, iSundowns yakwazi ukusebenzisa amathuba eyawathola. Thina sahluleka ukuqedela amathuba. Ngiyathemba ukuthi sizoqala ukunqoba imidlalo uma abadlali abasha sebejwayela,” kubeka uFrosler.
UFrosler uthi ufuna ukushaya amagoli kulesizini, okuyinto ahluleka ukuyilungisa selokhu afika kwiChiefs.
“Ngiyajabula ngoba Ngiyafisa ebhokisini. Kufanele ngiqinise phambi kwamapali, ngishaye amagoli. Kumele ngishintshe indlela yokucabanga. Ngizozikhandla ukuze ngizowashaya amagoli engiwafunayo,” kubeka lomdlali.
UFrosler uthi ulindele umdlalo onzima kwiRichards Bay kusasa.
“Amaqembu amaningi anyusa izinga uma edlala neChiefs. IBay izokwenza okufanayo. Kufanele sinyuse izinga, siqhubeke nokwenza ngendlela ebesijima ngayo kulelisonto,” kubeka lomdlali.