Istobha seMozambique u-Edmilson Dove sithi kufanele bakhohlwe ngephutha eliholele kwiphenathi ebuyise i-Egypt emdlalweni we-Africa Cup of Nations ngeSonto.

IMozambique iphunyukwe amaphuzu amathathu sekuyophela umdlalo bebhekene neGibhithe kokokuvula iqoqo. 

Iphenathi evalelwe uMohamed Salah esikhathini esengezwe unompempe ibuyise ezikaFaro sekuvalwe amehlo, umdlalo waphela ngo 2-2. 

UDove uthi lo mphumela ubaphoxile kodwa bazonyukelwa ukuzethemba ngaphambi kwemidlalo emibili elandelayo.

“Besilindele ukuthwala kanzima emdlalweni. Siwuqale ngegiya eliphansi esiwombeni sokuqala. Singenelwe yigoli zibekwa esiwombeni sokuqala kodwa sikwazile ukubuya emdlalweni 

“Kunzima ukubhekana ne-Egypt kodwa kusize ukuzethemba nobumbano eqenjini. Silandela yonke imiyalelo kamqeqeshi. 

“Kubuhlungu ukungabuyi namaphuzu agcwele kodwa nephuzu elilodwa sizolamukela, sizame ukuhlelela imidlalo elandelayo,” kuchaza uDove ekhuluma nabeSABC Sport. 

UDove uthi angeke agxile kakhulu kwiphenathi ngoba yenzeke ngephutha. 

“Amaphutha ayenzeka ebholeni, kuba yisikhathi esincane. Angibonanga kahle kodwa unompempe ubone kahle, waqoka ukukhomba iphenathi. Kufanele siqhubeke nokuzikhandla emidlalweni elandelayo ukuze sizobeka ethubeni lokuthola umphumela ogculisayo,” kuchaza uDove. 

IMozambique izobhekana neCape Verde ngoLwesihlanu. ICape Verde ithuse abaningi ixebula izimfivilithi ze-AFCON iGhana ngo 2-1 ngeSonto ebusuku. 

UDove unethemba lokuthi umphumela abawutholile uzobanyusela umfutho. 

“Kufanele sizethembe, sizame ukuqhubekela phambili ngalokho esikwenzayo. Sithemba amaqhinga kamqeqeshi. 

“Sizobheka umdlalo ngamunye, imiphumela izolandela ngemuva. Ukuzikhandla kweqembu kuyajabulisa kwazise abekho baningi abantu abazokweseka iqembu kodwa sabuya nephuzu kunjalo. Sithemba ukuthi sizokwazi ukuqhubeka nokuzimisela emidlalweni elandelayo,”