Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi uKeagan Dolly ungomunye wabadlali angabaqokanga esikwatini ngoba iqembu lakhe liqale isizini ngegiya eliphansi.

UBroos uthi uDolly uhlaliswe nasebhentshini komunye umdlalo, okuyinkomba yokuthi izinga lakhe liphansi kakhulu.

UBroos ubekhuluma nabeSABC Sport ngesikhathi eqoka isikwati esizongcweka neSierra Leone neBotswana emidlalweni yesihle.

“UKeagan uqale isizini kabi, iKaizer Chiefs iqale kabi. Ubehleli ebhentshini komunye umdlalo.

Kunesizathu salokho. Akulona izinga likaDolly elaziwayo leli. Ngiyamdabukela. UKeagan akekho ezingeni esilijwayele. Kungani kufanele abizwe esikwatini?” kubuza uBroos.